News24

UTshatha uphawule ngomshado wakhe

2013-02-18 14:03

Durban - Umsakazi odumile woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe usephawule okokuqala ngezinkinga ezigubezele umshado wakhe.

Izolo lo msakazi utshele Isolezwe ukuthi kumphatha kabi ukufunda izindaba zomshado wakhe emaphephandabeni. Uthe unabo ubufakazi bokuthi umkakhe ubemgangela waze wakhulelwa.

Udaba loqhekeko emshadweni kaTshatha luqale ukuphuma ngeSonto eledlule kwiSolezwe ngeSonto kanti izolo kuvele ukuthi unkosikazi usolwa ngokuba neshende eligcine limkhulelisile wakhipha isisu.

UTshatha izolo uthe unobufakazi bokuthi umkakhe wasikhipha isisu.

UNkk Nontobeko Ngobe, uMaKhuzwayo, uthe njengoba uTshatha ethi unobufakazi bokuthi wakhipha isisu futhi uneshende ngeke aphawule lutho kodwa makabukhiphe lobo bufakazi. Uqede lapho wavalelisa ocingweni. Ngesikhathi evakashelwe yiphephandaba kubo eLindelani, uTshatha ukuphikile ukuthi usehlala efulethini nentombi esho ukuthi usebuyele kubo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • Skhumba - 2013-02-18 15:11

    eish, pho senzeni thina?

      Bonang Shhulas - 2013-03-25 15:28

      ungazikhathazi kathide shiya phansi lento yayivele ingakuthandi.ifuna imali shiya boooo!

  • Nompumelelo Aphane - 2013-02-25 11:59

    Shiya phansi unondindwa Khathide...izokubulala lento.

  • Nompumelelo Aphane - 2013-02-25 12:03

    so wat?

  • Nomcebo Dlamini - 2013-02-28 19:55

    kuyadumaza ukuzwa ukuthi abantu abashadile baphendulana emaphepheni, uma ngabe kuliqiniso.

  • Maphumulo Dumisani Maduma - 2013-03-05 12:40

    shiya phansi unondindwa wena khathide

  • Sizakele Bongiwe - 2013-03-25 10:16

    kunzima ukuba yindoda bekezela khathide kodwa uma unesiqiniseko wushiye lomshado

  • pages:
  • 1