News24

Ugcine eboshiwe uSechaba

2013-02-25 10:05

Johannesburg - Umculi oshaya owokholo uSechaba Pali uchithe izinsuku eziyisihlanu etholoza esitokisini kulandela ukuboshwa ngemuva kokuvela kokuthi wakhulelisa intombazane esencane.

Lokhu kungemuva kokuthi iNkantolo yeMantshi yaseLadybrand  ithe akahlale esitokisini kuze kube nguLwesibili, nalapho kulindeleke khona ukuthi afake isicelo sebheyili.

USechaba waboshwa ngesonto eledlule kulandela udaba olwaphuma kuSunday World emasontweni emabili edlule lokuthi waba nengane nentombazane, 15.

Ube esezinikela emaphoyiseni aseWelkom ngoLwesibili.

Amaphoyisa aseWelkom abe esemdlulisela eTweespruit, eFree State, nalapho echithe khona izinsuku ezimbili ngaphambi kokuvela enkantolo.

Kuvele ukuthi leli cala lingaphansi kukaSchedule 6, noqukethe amacala abucayi kakhulu.

Unkosikazi kaSechaba, uJulie, uveze ukuthi umndeni wentombazane wawuvele unezinhloso zokuqola lo mculi kwasekuqaleni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • Nomcebo Dlamini - 2013-02-28 19:45

    uLundy, JubJub manje uSichaba, cha kuyadabukisa ukuthi abaculi bokholo batholwa emahlazweni. Laba abangakatholwa ehlazweni kufanele bafunde ukulalela amaculo abo ukuze abakhuthaze kwayibona. Ngesilungu kuthiwa practice what you preach nabo kumele benze njalo.

  • eric.mhlengani - 2013-03-01 16:17

    nongcebo akusho ukuthi uma ukholwa uphila ezulwini.yebo kumele uzame kodwa kunezimo ezike zenzeke obonayo ukuthi la kawunathuba iyodwa indlela .kona kuhle ukuzama kangiphiki

      Nomcebo Dlamini - 2013-03-03 12:18

      kumele ngempela bazame. Amaphutha abo muwabheka akuwona lawa azumanayo, awokuzikhethela. Ukuthatha ama drugs nokujola nezingane usuke uzikhethele, siphila nabo impela kulomhlaba wamaphutha kodwa lezinto bebengazigwema. kumele baqine nje okholweni.

  • pages:
  • 1