News24

Uhulumeni uzosiza uZahara

2012-04-23 11:55

Johannesburg - Uhulumeni wesifundazweni i-Eastern Cape usememezele ukuthi uzongenelela ekuzameni ukuxazulula ingwadla yobuphofu ebhekene nomzwilili odabuka esifundazweni uZahara, ogama lakhe langempela nguBulelwa Mkutukana.

Ukungenelela kukahulumeni kulandela imibiko ephume ephepheni iSunday World elibike ukuthi lo mculi akanayo imali, akaholelwa njengoba esahlala emzini womunye wabaphathi bakhe, okungabanikazi beTS records.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, amaSiko namaCiko uXoliswa Tom uthe uzohlangana namakomidi athize kubhekwe ukuthi ungasizakala kanjani umndeni wakwaMkutukana.

"Kuzohlanganwa kubhekwe ukuthi yiziphi izinyathelo ezingathathwa ukuzama ukusiza."

Udadewabo kaZahara, uNomonde, uthi umphathi kaZahara uThembinkosi Nciza ubashiya ngaphandle njengomndeni uma enza izethembiso, uthi uNciza ukhuluma eceleni nabazali abangaqondi lutho ngebhizinisi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Saneliso - 2012-04-23 16:40

    How come Zahara is yet She's so succesful kanje? Realy this is so bad even Thembinkosi Ncinza mst make up his mind this is so out.

  • Sechaba - 2012-04-24 16:04

    Ibihlungu lento kaZahara

  • Blessing - 2012-04-29 08:22

    Yabona lento ibhlungu ngoba umphathi ka Zahara waphika ukuthi uyantula Zahara indlela abe bhukhwa ngayo kodwa kuthiwa akanamali kanjani tshele izwe Mr Ncinza

  • pages:
  • 1