News24

Isikhwele siyalubulala uthando - Umbono

2013-02-26 15:55

Cape Town - Izazi zithi isikhwele, izinkinga zasembhedeni, ukuvuselana amagqubu, imali, abantu basemzini kanye nezithandwa zakudala, ngezinye zezinto ezibubulala zibuqede ubudlelwano bababili uma zingalungiswanga ngendlela.

Abafundi bethu bayaphawula ngalokhu.

UThemba Thezuthando uthe: Kwangehlela lokhu, wayefuna ukuhamba naye kuyo yonke imicimbi okanye amfonele ebusuku ambuze impilo, ngagcina ngimyekile.

UKhombisile Masishingishane Mngomezulu uthe: Yiqiniso lelo, ayikho into ebaluleke njengokuxoxa othandweni.

Izinto eningazithandi kumele nizikhulume, ukulalela imizwa yomunye umuntu kanye nokuqondisisa indlela adalwe ngayo kubalulekile.

UMpume SyapensaBucs Mngomezulu
uthe: Ngempela umuntu usuke ekhulumelani nomuntu wakhe nge-Ex yakhe?

Naka isikhathi sakho ukhohlwe ilokhu osekwadlula.

USonakali Sthembiso Mthembu
uthe: Kuyiqiniso kakhulu lokhu okubalulwayo, ocansini amadoda awaxoxi nophathina bawo.

Azi ukuthi umfazi akumele ukhulume naye zonke izinto kanti kuyadingeka nibonisane ngakho konke othandweni.

UMesuli Mabuza uthe: Uthando olusingathwe inkinga aluvamile kuphumelela, ngoba anibe nisakhuluma kahle nivele nithule kodwa kube konakala.



 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Emmanuel Mvoti Thusi - 2013-02-27 18:01

    _Iqiniso elingeke laphikwa lele.

  • Msizo Gcwabzo - 2013-02-28 16:16

    yebo imali inkinga kubantu ababili, iyasakha isidina sayo kube ukuvakashelana nalo osondelene naye usekucela imali ungaze ufunge ukuthi niyadayiselana.

  • Ntokozo Maphumulo - 2013-03-03 05:35

    Ngithimina izinkinga engibhekenayo nqgo lezi enizibalayo kangangokuba omunye ulala abheke le nomunye ngokunjalo ngoba sekutheneke imizwa yami ngezinkinga ezingapheli nezingaxazululeki kangangokuba angisazi ngenzenjani

  • pages:
  • 1