Ngokusho kukaNcube, isoka uSkhalazo Ndhlovu ubengalokothi akhumule kukhanya futhi ubemziswa ubuhlungu njalo uma besocansini.
UNcube uthi ushaqekile ethola ukthi isoka lakhe liyintombazane njengaye, belilala naye lisebenzisa ubuntu boku thengwa obakhiwe.
Sibuze kanje kubafundi bethu:
Uyasicisha yini isibani uma uya ocansini nesithandwa sakho?
Nikhumula senisemashidini noma nikhumuluma ngokukhululeka isithandwa sizibukele?
Uma ungehlelwa okwehlele uNcube ungaqhubeka nesithandwa sakho esiwubulili obufanayo nawe noma ungakhohlwa yizinsuku zenu ezimnandi uhambe uyofuna ubulili obehlukile?
Nakhu okushiwo abafundi bethu:
UJabulani Mchunu uthe : Angicishi, angikhumuleli emashidini ngiyasikhumula mina mathupha.
UMshibo Busisiwe Colly Nkosi uthe : Ngishiya phansi kwani,okwani nje vele ukucima isibani nokukhumulela engubeni yoooo bengicabanga kuthi sebafa bonke abantu ababenza njalo.
ULindiwe Portia Zulu uthe : angilokothi ngingene engubeni kumnyama ngisho nomuntu wami uyazi ngiyambuka akhumule uma engibuza ukuthi ngimubukani ngisho nje kucace engikubukayo.
U-Agricolla Xolani Khumalo Mabaso uthe : Lafa elihle kakhulu, mina ngithanda ukwenza ucansi kukhanya ayi ngobumnyama.
UNelihle Mkhwtshwa uthe : Kucishwa masekuqediwe lools
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter