News24

Abaduni bemikhumbi bafuna u-R33m

2011-09-26 14:04

Johannesburg - Abaduni bemikhumbi baseSomalia abathumba izithandani zaseNingizimu Afrika ngonyaka odlule sebefune imali engango-R33m emndenini wabo ukuze badedelwe, kubike iphephandaba ngoMsombuluko.

UBruno Pelizzari noDeborah Calitz abahlala eThekwini babezihambela ngesikebhe eTanzania ngesikhathi bethunjwa ngo-Okthoba 26 ngonyaka odlule.

"Ngiyazi niyazama. Uma bengayitholi imali bazosibulala,"  kusho uPelizzari etshela abakubo ngoSepthemba 5.

Kwakungokokuqala bexhumana kanti uthe kusukela lapho sebafonelwa ngu-Ali  nongomunye wabathumbi kanye ngesonto.

"Ngamchazela ukuthi asizona izigwili. Ngakho kuzothatha isikhathi ukuthola imali. Sesize saphoqeleka ukuba sicele uxhaso," kusho uDeborah Calitz etshela abephephandaba iSowetan ngeSonto.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).