News24

Abavukuzi basabisa ngokubulala abaphathi - Umbiko

2012-09-05 16:17

Johannesburg - Abavukuzi basemayini iLonmin eMarikana sebesabise ngokuthi bazobulala abaphathi bemayini uma beqhubeka nokusebenza kule mayini ye-platinum eseNorth West.

Lezi zinsongo zizwakale ngesikahthi kuqhubeka umbhikisho wamakhulu abavukuzi ngoLwesithathu.

Abavukuzi batshele imenenja uJan Thirion ukuthi akamise umsebenzi emayini kungenjalo uzofa.

Kwenzeka lokhu nje, mhlaka-6 Agasti amaphoyisa adubula abulala abavukuzi abangu-34 alimaza abanye abangu-78 kuyona le mayini.

UThirion ukhulume nababhikishi ephahlwe ngonogada ekade behlome bezingovolo, utshele abamele ababhikishi ukuthi akubuyelwe phansi kuyoboniswanwa.

Uthe impi angeke ize isize muntu, ngalokho kungakuhle kubuyelwe ematafuleni kuxoxwe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).