News24

Akayi ndawo uMotlanthe - Mantashe

2012-12-20 13:03

Bloemfontein - Akukho zinkomba ezitshengisa ukuthi iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe angase ashenxe kuhulumeni, kusho uNobhalala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ngoLwesine.

"Asikho isidingo sokuthi kuthiwe uMotlanthe uzoshiya esikhundleni sakhe," kusho uMantashe etshela izintatheli eBloemfontein, osukwini lokugcina lwengqungquthela ye-ANC.

UMantashe ukucacisile kodwa ukuthi uMotlanthe akaselona isekela likamengameli we-African National Congress, nokuthi usinqabile isiphakamiso sokuthi aqokelwe esigungwini esiphezulu ku-ANC.

"Ziningi izinto ongazenza ngaphakathi eqenjini ngisho ungekho ku-NEC. Akwenziwa uguquko kuKhabhinethia la."

Okhulumela i-ANC uJackson Mthembu uthe uMotlanthe akayi ndawo, kanti uzokwenza umsebenzi wakhe kuze kuphele ihlandla lakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • mlungisi.mchunu.501 - 2012-12-20 15:32

    Akshiwongo ukuthi akahambe vele ,kodwa akaselona isekela mongameli.Yena kunabantu kade bemphusha yena ubengazi okumele akwenze,nokuthi bekukhona kuye ukuthi angakhala ngaphansi bese ikusasa lakhe limfimfa, buka nje sekfanele azanyelwe omunye umsebenzi.Kuba njalo ukusetshenziswa usala wedwa ekugcineni ,baphi nje ebebemphusha

  • pages:
  • 1