News24

Akucatshangelwe izisulu - Ndebele

2012-12-06 16:40

Johannesburg - Izisulu zobugebengu kumele zicatshangelwe kakhulu nguMnyango wezamaJele, kusho uNgqongqoshe woMnyango uSibusiso Ndebele, ngoLwesine.

"Uhlelo lokuxhumanisa isiboshwa nesisulu lwenzelwe ukuthi kusizakale naso isisulu esisuke sihlukumezekile,” kusho ungqongqoshe ekhuluma eKwaZulu-Natal.

"Kumele iziboshwa nazo zinikwe ithuba lokukhuluma zizicelele zona uxolo ziphinde zibone amacala azo.”

UNdebele uthe lolu hlelo lungasiza ekutheni kuncishiswe isibalo sabantu abagwetshwayo kuphinde kwakhiwe kangcono amakhaya.

Uthe izigilamkhuba eziningi zivela emakhaya ahlaselwe yindlala, ukungasebenzi kanye nokushoda kwabantu abakwazi ukushaya imithetho

"Ukuhlumelelisa izimilo akusiwo umsebenzi woMnyango nje owodwa, kungumsebenzi wezinhlaka eziningi,” kusho uNdebele.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).