News24

Akuhambi kahle ngeZumaville - Umbiko

2012-08-10 10:07

Johannesburg - Kuthiwa izinto zimapeketwane mayelana nokwakhiwa kwedolobha ekuthiwa yiZumaville elizodla u-R2 billion, elizokwakhiwa eNkandla, la kuzalwa khona uMengameli uJacob Zuma, kubika iMail & Guardian.

Iphephandaba libike ukuthi kuvaliwe ukukhangiswa ngomsebenzi wokudwetshwa kwedolobha leli, kuthiwa kunezinkinga ezikhona eseziqubukile.

Inhlangano ephezu kombono ngedolobha iMasibambisane Rural Development Initiative kuthiwa ishoda ngezimali, ezinye izinhlangano ezibambisene neMasibambisane zibike ukuthi azazi lutho ngokwakhiwa kwedolobha.

"Asinayo imali. Kuphele inyanga, kumele siholele abasebenzi," kusho iphini likaSihlalo weMasibambisane uDeebo Mzobe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).