News24

Akuqashelwe uZuma - ANCYL

2012-11-16 16:28

Johannesburg - Uphiko lwentsha ye-African National Congress eLimpopo luthi alukutholi ukuphumula ngokuphawula kukaMengameli wezwe uJacob Zuma, ophawule wathi wazikhokhela yena imali yokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

"I-ANCYL iyakhathazeka ngokuphawula kukaMengameli uZuma ophawule ePhalamende wathi uyazikhokhela imali yokulungiswa komuzi wakhe...Siyacela zonke izinhlaka ze-ANC zimqaphele uma ekhuluma, sikholwa wukuthi akasakufanele ukuhola iqembu,"kusho umkhulumeli wophiko esifundazweni uKlaas Mabunda, esitatimendeni.

UMabunda uthe i-ANCYL ikhathazekile ngesamba semali ekhokhwa wuZuma, nyanga zonke, ekhokhela izindleko zokulungiswa komuzi wakhe.

UZuma uzwakalise ukuthukuthela kwakhe ngemibiko ethi uhulumeni uzokhipha isamba esilinganiselwa ku-R200 million, kulungiswe umuzi wakhe.

"Sonke lesiya sakhiwo sizilungisele thina njengomndeni, akusiyo imali kahulumeni," kusho uZuma ephendula amalungu ePhalamende akade empheka ngobhojwana.

UMabunda uphinde wagxeka uNobhala Jikelele weSA Communist Party uBlade Nzimande, ophakamise ukuthi kube nomthetho ozovikela uZuma uma edelelwa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • ayanda.damani.77 - 2012-11-16 19:48

    Kant akasebenzi yini okaMsholosi nasemndenini kaZuma akekh osebenzayo. Ixaka ke ekaMsholozi.

  • linda.mthembu.18 - 2012-11-17 01:42

    KULUNGILE KUMABUNDA UMA KUZOBA UMNGANE WAKHE OWENZA UMUZI WE MILLION KODWA EBE EHOLA UR20000 SENGATHI LOMFO AKALISILE EKHANDA LAKHE. YEKA INZONDO KLAAS UYAHOLA UZUMA AKAHOLI UR20000 KWAKUFANELE UBUZE KULOMFO WANGAKINI UKUBA WAZINOTHISA YEDWA IQHAMUKAPHI LEMALI

  • power.house.167 - 2012-11-17 18:30

    ANC YL must first speak out about tender deals in Limpopo involving julius fatboy malema.They must tell SA that malema is corrupt.Before they could critisize Zuma they must thank him for adressing illdiscipline in the ANC.I did not know that ANCYL existed after the juju boy was told to jump.

  • pages:
  • 1