News24

Amaphoyisa athungatha abasolwa

2011-08-30 09:36

Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo athungatha abantu abazingele ngokungemthetho badubula babulala ubhejane baphinde bawukhipha izimpondo eZebediala.

"Ngikholwa ukuthi isidumbu sikabhejane sitholakale ngeSonto, kanti kubukeka sengathi wabulawa ezinsukwini eziyishumi ezedlule," kusho uLieutenant Colonel Ronnel Otto.

Akukaboshwa muntu kanti amaphoyisa asathungatha abasolwa.

Ngesonto eledlule kwadutshulwa kwabulawa obhejane ababili ngaphandle kwepulazi eliseMokopane.

ISABC ibike ukuthi sebengu-280 obhejane asebebulewe kulo nyaka.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).