News24

Amaphoyisa enze okufanele - Phiyega

2012-08-17 14:12

Restenburg - UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega uthi amaphoyisa athole imibiko evela ebantwini abahlukene yokuthi abavukuzi abebetelekile bebengavumi ukuhlakazeka ngesikhathi becelwa kahle.

"Emini ngoLwesine sithole umbiko ovela emithombeni eminingi isitshela ukuthi ababhikishi bayishaya indiva eyokuqeda isiteleka ngokuthula, futhi ngeke basuke la bebebuthelene khona banqaba nokubeka phansi izikhali.

"Kube kusebukisiswa isimo kwathathwa isinqumo sokuthi amalungu eSA Police Service kumele azivikele kubabhikishi," kusho uPhiyega etshela izintatheli eRustenburg.

"Bangu-34 abashonile kwathi abangu-78 balimala," kusho uPhiyega.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • luvuyo.simon3 - 2012-08-18 17:27

    Abavukuzi. Niyatshonani. Mapolisa. Bebephethe. izikhali ryt ababethangamntu. Ninanabeseniyasuka. Nifunubasusa. Aphobakho ngaphandle. Kwe mine. Yintonibeningabagadibangamoshi. Qha. Niyasuka. Niyababulalanina ngaphandlekwesizathu. Nidinga ukubulawakwaninamani.

  • xabaayanda - 2012-08-18 21:41

    Uyabheda lona sekungaze kuf abantu. Awasadubuli ngenjolobane asedubula ngomthofi pho! Ayi lokomishanyana ungath uza ngamanga nje. Safa thina esizondwa mapoyisa. Ngalesenzo amapoyisa azakheli zitha. Angisawathandisisi kwasamina. Sekungaze kubulawe u-34 pho wababhikishi pho ngathi bekubanjw inkunzi kuhlonywe nge-AK 47 its joke. SApolice is just a joke.

  • pages:
  • 1