News24

Angifihlanga lutho ngebhonasi - Majola

2011-12-06 16:26

Pretoria - Isikhulu seCricket SA, uGerald Majola uphikile ukuthi amabhonasi asesuse umsindo kuleli wawakhipha isikhekhelembane emuva kwemidlalo ye-IPL ngo-2009.

"Ngakwenza konke okwakudingeka ngaleso sikhathi njengoba kungumthetho ukuthi kumele ngenze njalo," kusho uMajola, ngaphambi kwekhomishana ephenya ngalolu daba ePitoli ngoLwesibili.

"Ngabe sengitshelwa emuva kwesikhathi ukuba kumele ngiveze konke obala ngokomthetho iCompany's Act."

UMajola uthi wawaveza la mabhonasi ngaphambi komhlangano webhodi waphinde wazisa nebhodi leCSA.

"Ngangisengikuvezile emihlanganweni emibili ukuthi ngizithola ibhonasi."

UMajola utshele leli komidi ukuthi eyakhe ibhonasi yaphasiswa nguDon McIntosh.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).