News24

Angixhumi ekukhulelweni kwabafundi - Motshekga

2012-11-08 12:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wezoMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uthi ukukhulelwa kwezingane zisekole nothisha abafika bephuzile esikoleni akuyona inkinga yoMnyango wakhe, kubika iSowetan.

Ekhuluma eDe Aar, eNorthern Cape lapho bekuyiswe khona iPhalamende ebantwini, uMotshekga uthe abazali akumele basole uMnyango wakhe ngodaba oseluxakile lokunyuka kwezinga lokukhulelwa kwezingane zesikole.

Uthi lokhu kungenxa yokuthi abafundi abalwenzi ezikoleni ucansi.

"Ukukhulelwa kwabafundi kuyinkinga ethwalwa iyiswe ezikoleni isuka emakhaya nasemiphakathini," kusho uMotshekga.

"Engikwaziyo ukuthi abalwenzeli ezikoleni ucansi, kepha bazitika ngalo emakhaya. Lokhu kuyisihlava esimbi impela njengoba manje sekuyinkinga yami. Asibanikezi abafundi imibhede, kepha sibanika amapeni nezincwadi."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • sibahle.mahaye - 2012-11-08 14:23

    Lomama nje u Dom. Into ephuma emlonyeni wakhe ayihloliwe nje neze. Ngikhumbula kukhulunywa ngendaba yezincwadi e Limpompo, wathi yena akazi ukuthi kwenzakalani ngaphakathi ezikoleni. manje wazi kanjani ukuthi izingane ucansi azilwenzeli ezikoleni....

  • dlamsmdu - 2012-11-08 17:15

    uyi Clown lo mama yaz ....... If Abafundi bengalwenzi u cansi eziKoleni afakelwan pho ama Condoms kuma Toilets asezi koleni ? >> kant abafundi mele bawenze ama Ballons ama Condoms ? >> Kungani yena AngaQhamuki necebo lokuth abafundi bangafundiswa kanjan Ngobu ngozi bo cansi usamncane

  • pages:
  • 1