News24

Asikatholwa isidumbu somfana ominzile

2012-12-28 08:51

Johannesburg - Azikatholwa izinsalela zesidumbu somfana oneminyaka engu-15 ubudala nowahlaselwa ushaka ePort St Johns, e-Eastern Cape ngoKhisimusi, kusho amaphoyisa.

“Sisathole ibhulukwe kuphela,” kusho uCaptain Mduduzi Godlwana.

Uthi lo mfana wayebhukuda ngaphambidlana kwabanye abafana eSecond Beach ngesikhathi ehlangabezana nalo mshophi.

Abatshuzi bakholwa ukuthi isidumbu salo mfana singaphansi kwamadwala ambozwe wulwandle.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter