News24

'Asingene kokwenzeka eMangaung'

2012-12-12 16:25

Johannesburg - Asinandaba nokuthi kuzoba ngubani odla umhlanganiso eMangaung, izinto zizolokhu zifana kithina njengabahlali, kusho abahlali baseGoli, ngesikhathi bekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu.

ESoweto, abahlali abaningi bathi bakholwa wukuthi umhlangano we-African National Congress, waseMangaung, angeke uze naguquko ezinkingeni ababhekene nazo zansuku zonke.

"Akukhathaleki ukuthi ngubani owinayo. Noma kungaba nguSekela Mengameli uKgalema Motlanthe noma kungaba nguMengameli uJacob Zuma, izinkinga zizolokhu zikhona," kusho omunye wabahlali uBon Mabasa.

"Abantu abazobe bevota bazobe bengacabangi ngathi. Empeleni nje anginandaba ukuthi kuwina bani.” esho.

UMabasa uthi ukholwa ukuthi uZuma uzogcina isikhundla sakhe njengoMengameli we-ANC.

"Abantu abahamba noZuma bazama ukusishintsha umqondo sibone sengathi ungumengameli ofanele. Benza lokhu ngoba kukhona abafuna ukukuzuza kuye.”




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • thulani.ndlovu2 - 2012-12-12 17:22

    CHA MINA ENGIKUBONAYO LAPHA ENINGIZIMU AFRICA UKUTHI KUBE KHONA USHINTSHO EQENJINI ELIBUSAYO UKUTHI LITHI UKUSHENXA.KESIZWE AMAGALELO AMASHA.FUTHI NGINESIQINISEKO SOKUTHI IQEMBU ELIYO NGENA LIYOSEBENZA NGOBA LIYOBA LISABELA UKUKHISHWA EMANDLENI. THULANE NDLOVU EHLOBANE

  • esrom.sandy - 2012-12-12 21:34

    Iyamangalisa indaba yabantu bazi ukuthi njengoba sazuza inkululeko bazovuswa ngobhekeni besembhedeni nekhofi,kusho ukuvuleka kwamathuba niqhube nemfundo yenu nifundele amakhono,uhulumeni angeke aze anilobolele nabafazi lutho kanti niyaganga

  • pages:
  • 1