News24

Avele enkantolo amaphoyisa ngelenkohlakalo

2012-03-16 07:09

Cape Town - Lihlehlisiwe icala lamaphoyisa amathathu abhekene nenkohlakalo eNkantolo yeMantshi yaseWynberg, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Azobuyela enkantolo ngo-Ephreli 3 ezofaka isicelo sebehyili, kusho uCaptain FC Van Wyk.

Laba bobathathu baboshwa ngoMashi 13 kulandela imibiko yenkohlakalo ebabandakanyayo ezindaweni ezifana noSteenberg, Diepriver naseWynberg.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter