News24

Avelile amabhungu ngelokubulala

2012-11-02 07:44

Mossel Bay - Avele eNkantolo yeMantshi yaseMossel Bay amabhungu aseWestern Cape asolwa ngokubulala umfundi, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA).

UXolisani Thomas noSiyabulela Mbalula, abaneminyaka engu-18 ubudala, bazobuyela enkantolo ngoNovemba 7 uma sebezofaka isicelo sebheyili.

Bagqunywe esitokisini, kusho okhulumela i-NPA u-Eric Ntabazalila.

UThabani Mntini, 19, wagwazwa washona ngesikhathi kusuka ingxabano esikoleni esiseMossel Bay ngesikhathi sekhefu lasekuseni ngo-Okthoba 22.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter