News24

Awalungile athutha abafundi eGauteng - Umbiko

2012-07-05 14:10

Johannesburg - Okungenani angu-203 amabhasi athwala abafundi baseGauteng angekho sesimweni sokuba semgwaqeni, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uBarbara Creecy ngoLwesine.

Ekhuluma esikhungweni sokuhlola izimoto eRandburg, uCreecy uthe angu-700 amabhasi asetshenziselwa ukuthutha bafundi, uthe kumanje sekuhlolwe angu-485.

Amabhasi amaningi atholakale enenkinga yamabhuleki, amasondo okushayela kanjalo nezintambo ezingamile ngendlela.

"Uma usubhekisisa kahle sithutha abafundi abangu-50 000 ngosuku...lokho kunomthelela ekungabini sesimweni kwamabhasi," kusho uCreecy.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).