News24

Baboshwe beshushumbisa ugwayi eLimpopo

2012-05-23 14:03

Johannesburg - Sekuboshwe amadoda amabili adabuka eZimbabwe abanjwe ezama ukungenisa ugwayi  kuleli ngokungemthetho, abasolwa baboshwe eMankweng, eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Moses Molepo uthi abasolwa abaseminyakeni ephakathi kwengu-39 no-43 ubudala, bajahwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu bagcina ngokuboshwa.

"Amaphoyisa ashaqe amabhokisi kagwayi angu-886, ugwayi lona ungenza imali engaphezu kuka-R50 000."

UMolepo uthi amaphoyisa ajahe imoto yabasolwa ngesikhathi ibonakala idlula irobhothi libomvu.

Abasolwa bazovela ngaphambi kweNkantoo yeMantshi eMankweng ngoLwesine.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • lance.ernest - 2012-05-24 04:37

    Wow.

  • pages:
  • 1