News24

Bathelekile enkantolo abameli bakaSelebi

2011-12-05 12:34

Johannesburg - Abameli balowo owayengukhomishana wamaphoyisa uJackie Selebi bafike eNkantolo eNkulu yaseNingizimu kwaseGauteng ngemuva kokuvulwa kwayo ekuseni ngoMsombuluko.

Bafuna ukuba kuhlehliswe ukuqala kwesigwebo sakhe uSelebi seminyaka engu-15 edonsa ejele, ngenxa yokuthi akekho kahle empilweni.

Ummeli wakhe, uWynanda Coetzee, uthe ngeke basikhiphe isitatimende okwamanje.

Udaba lwabaphathi lolu, ngeke lungene enkantolo.

Ukudluliswa kwecala likaSelebi lokukhwabanisa akuphumelelanga ngoLwesihlanu, okuchaza ukuthi bekumele aqale isigwebo sakhe ngeSonto.

Ngemuva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala eBloemfontein, uSelebi, ayesibukela kubabonakude esekhaya, wavele washayeka phansi waphuthunyiswa esibhedlela.

NgoMsombuluko abameli bebeyochaza ukuthi kungani engafikanga ejele njengoba bekulindelekile, ngesikhathi odokotela bona bezama ukuthola imbangela yokugula.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).