News24

Elakuleli selilahlekelwe obhejane abangu-71

2011-03-14 17:10

Johannesburg - I-SA National Parks (Sanparks) ithi elakuleli selilahlekelwe obhejane abangu-71 kulo nyaka ngenxa yabantu ababazingela ngokungemthetho.

"Lesi sibalo sibandakanya bonke obhejane abatholakale befile eziqiwini zakuleli nasezweni," kusho isikhulu se-Sanparks uDavid Mabunda.

Obhejane abaningi, abangu-46, babulawa eKruger National Park.

Siyenyuka isibalo sokubulawa kobhejane njengoba kwabulawa abangu-333 rngo-2010 uma kuqhathaniswa nabangu-122 ababulawa ngo-2009.

UMabunda uthi sekuboshwe abantu abangu-64 ngala macala.