News24

I-ANC eKZN iphika eyetulo ngoButhelezi

2012-10-31 08:22

Durban - I-ANC KwaZulu-Natal iphike yalala ngomhlane ukuthi yakha itulo lokusoconga umholi weNkatha Freedom Party, uMangosuthu Buthelezi.

“Isigungu esiphezulu senhlangano esifundazweni sithanda ukucacisa ngokuthi lezi zinsolo zingamampunge nje," kusho inhlangano esitatimendeni.

“I-PEC icela ubuholi be-IFP ukuba bubike lolu daba kwabafanele ukuze kuphenywe ngalo."

Ibe isixwayisa i-IFP ukuthi ukwenza izinsolo ezinje kungase "kubhebhethekise uthuthuva olukhona vele esifundazweni".

“Lezi zinsolo zaqale zenziwa nguButhelezi kusiShayamthetho kanti nohola i-IFP KwaZulu-Natal, uBlessed Gwala, naye waqhubeka kulokho."

UGwala uthi uButhelezi usephucwe abaqaphi ukuze bezomthola kalula.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter