News24

I-ANC eLimpopo ilaxaze uMalema

2013-01-24 12:03

Limpopo – Ikusasa likaJulius Malema kwezombusazwe libonakala njengelingasekho ngemuva kokuba i-ANC eLimpopo, obekuyiyona ebimeseka ngesikhathi elwisana noMengameli uJacob Zuma, imgxeke esidlangalaleni yathi ucabanga ukuthi mkhulu kuneqembu elibusayo, kubika iThe Star.

UNobhala we-ANC eLimpopo uSoviet Lekganyane ngoLwesithathi ushiye angalazi kulowo owabe engumengameli wophiko lwentsha  ngokuqhubeka kwakhe nokugxeka ubuholi bukaZuma nokuthi athi uyehluleka ukuthatha izinqumo eziphusile.

Kodwa uyakuphika ukuthi ubuholi besifundazwe sebukhethe ukulahla uMalema ngoba bufuna ukuzisindisa bona.

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili ebusuku, uLekganyane uthe: “umlando ugcwele abantu abanjena. Ezikhathini eziningi, laba abantu abebefuna ukuba ngaphezulu kune-ANC. Ukuqhubeka nokugxeka ubuholi be-ANC – abantu kumele bazi ukuthi lokho akukaze kusebenze. Ubandlululo lwazama konke. Abantu abayishiya i-ANC nabo bakuzama, kodwa akukaze kubasebenzele.”

Uthe uMalema akasenandawo kuKhongolose ngoba wehlulekile ukuphenduka ngisho esenikwe ithuba.

UMalema walile ukuphawula ngalokhu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • bhekithemba.hlabisa - 2013-01-24 12:46

    asisungule iqembu lethu wena Juju

      ethelkhosi - 2013-01-25 10:16

      ne Cope yehluleka shame Hahahahahaha makabuye azithobe aye kwi top 6 axolise the is no way bangeke bamxolele ayeke ukuzithwala

  • emmanuel.thusi1 - 2013-01-24 12:58

    Indama u Brainless

  • mdu.s.khumalo - 2013-01-24 14:08

    Ai, iwa libheke umoya mfanasekhaya. Hamba uyozidayisela amakabishi, ayikho lento

  • vuyisile.cyril.5 - 2013-01-24 14:51

    Kunjalo ukuvuvukalelwa yikhanda Juju,,,uma izinto zimnyama abangani ababonwa

  • fistoz.mtshali - 2013-01-24 15:48

    Idictatorship yenz'abaholi basabe ukumela iqiniso lomlisa kungenzek'ukuthi usatshiswe ngukuphucwa iskhundla uma esahambisana nomalema

  • pages:
  • 1