News24

'I-DA ingase ihlangane nezimbila zithutha'

2012-11-02 14:46

Johannesburg - I-ANC KwaZulu-Natal ixwayise umholi weDA uHelen Zille ukuthi agweme uhambo lwakhe oluya eNkandla ukuyohlola umuzi kaMengameli Jacob Zuma uma engayifuni inkinga yokuhlangabezana nodlame oluqhamuka ezakhamuzini zendawo.

"I-ANC ikholelwa ekutheni ukuhanjelwa komuzi kaZuma kuyobe kuchaza ukuhlasela umndeni wakhe, kanjalo nendelelo," kusho i-ANC esifundazweni.

"Akungabazeki ukuthi abantu abahlala emzini kamengameli banelungelo lokuzivikela kulabo abangena ekhaya labo."

Le nhlangano ithe ukuziba kweDemocratic Alliance isexwayiso sokumashela ekomkhulu leCongress of SA Trade Unions' (Cosatu) eGoli ngoMeyi, kwaba nezinxushunxushu kwaze kwalimala nabantu.

"Asifuni ukubona impinda yalokhu okwenzeka eCosatu House ngakho sicela iDA ukuthi ihoxise uhlelo lwayo."

IDA ihlela ukuhambela umuzi kamengameli, nalapho kuqhubeka khona ukulungiswa kwawo ngemali ecela ku-R200 million.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • mthambisijali - 2012-11-02 21:28

    MINA NGIBONA KUZODALEKA UMSHOPHIYA NGALOLUHAMBO LIKAMONGAMELI WE-DA.yena yini engaka emxakile ngomzi kamengameli JZ, njengoba eyomhlasela nje ,kungase ISIKHUNI SIBUYE NOMKHWEZELI.ngesolnto...angisho ukuthi ngithini kodwa ,ukube mina nguyena *HZ(DA)*bengizolihoxisa loluhambo.

  • freedom.ngcobo.3 - 2012-11-03 02:11

    D.A NGOKWAMI IYASDELELA KAHLEKAHLE LOMFAZI AKAYAZI IPOLITIKI PHELA NJE KUYE ULWA NE ANC KUPHELA AKEZI NAMA SOLUTION KUPHELA NJE UYAXHEKA KUPHELA NABANTU BAKITHI BAWOTHATHEKILE iDA PHO

  • Painstopper - 2012-11-04 14:19

    anoke nize e trustfeed nizohlola umuzi ka fasties ngbongwa khona nizodela kahle

  • pages:
  • 1