News24

I-NFP izimisele ngokubusa eKZN

2013-02-25 08:34

Durban - Uma izinto zihamba ngokwezifiso zeNational Freedom Party, leli qembu kungase kwenzeke libuse iKwaZulu-Natal uma sekungukhetho lwezobumengameli ngonyaka ozayo.

Iqembu lithe uma lihluleka ukuketula i-ANC, lihlela ukushenxisa i-IFP kube yilona eliyiqembu eliphikisayo.

Umholi weNFP leader uZanele Magwaza-Msibi wethule ngokusemthethweni izinhlelo zeqembu ngesikhathi ligubha iminyaka emibili lasungulwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini.

UMagwaza-Msibi uphinde wathi i-NFP ifuna amavoti angu-1,8 million okhethweni oluzayo, besuka ku-1,2 million elawuthola ngo-2011, ukuze ikwazi ukuba nezwi elizwakalayo esiShayamthetho sesifundazwe.

Umholi we-IFP esiShayamthetho uBlessed Gwala ukuhleke usulu ukuphawula kukaMagwaza-Msibi.

“Kuyihlaya ukuthi i-NFP ingase ibuse lesi sifundazwe, angisayiphathi eyokuthi ibe yiqembu eliphikisayo elihamba phambili," kusho uGwala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • Ntokozo M Buthelezi - 2013-02-25 09:53

    Kungaba izifiso ezinhle ze NFP lezo ngoba iyiqembu elinomgomo omuhle futhi nathi esikholelwa kuyo.

  • tedlomo - 2013-02-25 17:39

    Khona kuyinto encomekayo ukuphupha izinto ezinkulu,kodwa iqiniso liwukuthi okwamanje kusazohlala kuyiphupho lokho.

  • pages:
  • 1