News24

I-NPA izokhipha ubufakazi ngoZuma

2012-04-12 16:30

Johannesburg - Inhlangano yezokushushisa iNPA, angeke isiphikise isinqumo senkantolo sokuthi idedele bonke ubufakazi obaholela ekutheni ihoxise amacala enkohlakalo ayebhekene noMengameli uJacob Zuma, kubika i-Eyewitness News, ngoLwesine.

Ngasekupheleni konyaka ka-2011 iNkantolo yokweDluliswa kwamaCala yanquma ukuthi iNPA inikeze iDemocratic Alliance, bonke ubufakazi obaholela ekutheni kuhoxiswe icala.

Icala lachithwa enkantolo nguMqondisi weNPA wangaleso sikhathi uMokotedi Mpshe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).