News24

IKhabhinethi likhala ngokuhlukunyezwa kwesifazane

2013-02-15 14:01

Cape Town - IKhabhinethi selizwakalise ukukhathazeka lagxeka izehlakalo zokuhlukunyezwa lwabesifazane nezingane.

"IKhabhinethi linokukhathazeka ngezehlakalo zakamuva zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Siyakugxeka kakhulu lokhu kuhlukumeza," kusho isitatimende ngemuva komhlangano wangoLwesithathu ebusuku.

UMengameli wezwe uJacob Zuma uvule iPhalamende ngoLwesine, wakhuluma ngesehlakalo esimise iNingizimu Afrika ngezinyawo, isehlakalo sokudlwengulwa kuka-Anene Booysen,17, waseBredasdorp.

UBooysen wadlwengulwa yiqulu lamadoda, waphulwa izandla nezinyawo, wanqunywa uqhoqhoqho wase edatshulwa isusu kwafakwa phakathi ibhodlela elifile.

"Ukulinyazwa ngale ndlela komuntu wesifazane ongakwazi nokuziphendulela, akwamukelekile neze ezweni lwethu."

UZuma uthi usekhulume nezinhlaka zomthetho, wathi kumele amacala alolu hlobo, abhekisiswe ngendlela enobunyoninco.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • mzwabantu.mapungu - 2013-02-16 22:25

    mna ndithi umthetho mawusebenze indawo yawo malitshutshiswe elagwala lendoda libulala umfazi walo ,ngelisuke lamyeka xa bengavani hayi ukumbulala.

      hdwala1 - 2013-02-17 16:26

      kudingakala omama abazokhuleka kanye namadodakazi abo, ngoba kuyacaca ukuthi umoya wobumnyama wehlele emhlabeni isigwebo sentambo siwafanele lamadoda anonya kangaka ,nawo kumele angaphili kodwa uma izwe libuyela kuJehova kungalunga

  • pages:
  • 1