News24

IScopa izophenya ngeNkandla

2012-10-31 07:54

Johannesburg - Ikomidi elibhekelela ukusebenza kwezimali zomphakathi ePhalamende, iScopa, izohloma imibuzo uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ngodaba lokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma, eNkandla, KwaZulu-Natal, ngokusho kombiko ngoLwesithathu.

USihlalo weStanding Committee on Public Accounts uThemba Godi kuthiwa utshele iCitizen ukuthi iDemocratic Alliance icele ukuba kuphenywe ngemali ezosetshenziswa kulolu hlelo.

"Sizoba nophenyo oluseceleni," esho etshela leli phephandaba.

Umholi weDA ePhalamende uLindiwe Mazibuko uthe iqembu lizobe lilandela ngemuva uma sekuqhubeka lolu phenyo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter