News24

Imigubho ye-ANC izobiza uR100m

2011-11-08 16:31

Johannesburg – Imigubho ye-ANC yokuhlanganisa iminyaka engu-100 leli qembu lasungulwa izobiza imali elingana no-R100m, leliqembu lishilo ngoLwesibili.

"Lo mgubho ngeke ubize ngaphansi kuka-R100m," kusho usihlalo we-ANC zwelonke, uBaleka Mbethe, etshela izintatheli ezihlangane eGoli.

"Abangane" be-ANC bazolisiza leliqembu ngemali, ushilo futhi.

Kulindeleke ukuthi kufike abantu abacishe bafike ku-120 000 kulemigubho ezobanjwela eMangaung eFree State ngoJanuwari wonyaka ozayo.

"Kusukela namhlanje, sisele nezinsuku ezingu-60 kuphela kuze siqale imigubho yeqembu eyaletha inkululeko ebantwini bakuleli."

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).