News24

Impilo kaMotlanthe isengozini - Lekota

2012-12-06 12:03

Johannesburg - Umholi weCope uMosiuoa Lekota usengxambukele ezindabeni ze-ANC wathi iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe usatshisiwe kwathiwa angawungeneli umbango wesobumengameli weqembu elibusayo, kubika iNew Age.

ULekota utshele izintatheli eKapa ngoLwesithathu ukuthi impilo kaMotlanthe isengozini ngokufakela inselelo uMengameli uJacob Zuma kwesobuholi be-ANC.

“Iphini likamengameli we-ANC lisatshiswe esidlangalaleni kwathiwa uma lingenela ukhetho libangisana noZuma libeka impilo yalo engcupheni,” kusho uLekota.

Kodwa, i-ANC iyaziphika izinsolo ezenziwe uLekota, ithi ungowokugcina okumele akhulume ngokhetho lwe-ANC njengoba engumholi weqembu elizididekele nje.

Okhulumela i-ANC uKeith Khoza uthe uLekota usahlulwa nawukuhola iCope.

Uthe i-ANC inezinhlelo futhi iya engqungqutheleni ngelizayo.

“Yini angasitshela yona uTerror Lekota ngobuholi? Ubuholi beCope buhlale bulungiswa ezinkantolo,” kusho uKhoza.

ULekota uthe uhulumeni kaKhongolose obusayo manje uyanhlanhlatha.

Uthe imashi yabaholi beANC mayelana neGoodman Gallery bebhikishela umdwebo iThe Spear,  nobonisa isitho sangasese sikaMengameli uZuma, kwakungukwephula ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • david.molefe.96 - 2012-12-06 12:30

    Lobaba uyaphupha,uhlulwa izindaba zeqembu lakhe.usegxambukela kwezingamdingi.

  • mdu.raphael - 2012-12-06 12:47

    ulekota useyasangana manje akabheke eyakhe inhlangano ayeke ukuhamba ekhuluma izindaba zamanye amaqembu ave ephuphile lo baba akazazi ukuthi sekufanele enze njani asikaze simuzwe ekhuluma nge cope yakhe sihlezi sizwa ethi ANC akavele abuyele ekhaya ngoba usayithanda buyela ekhaya lekota siyazi sonke inhliziyo yakho ibuhlungu thina sasingeke siholwe nguwena awazi lutho futhi uyihlathi lokuqina

  • mdavu99 - 2012-12-07 07:54

    hawu shame ngalobaba wase free state kanti yena uyanini emangaung ye PHOTO COPE

  • pages:
  • 1