News24

Indodana kaTutu iboshelwe isondlo

2013-03-08 10:04

Johannesburg - Indodana ka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu, uTrevor, uvele kafishane ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseRandburg, mayelana necala lesondlo, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

UTutu, 56, uvele ngaphambi kwenkantolo wadedelwa ngebheyili ka-R1 500, kusho umbiko weThe Star.

Ngokusho kombiko ohanjiswe ngaphambi kwenkantolo, uTutu wahamba amasolokohlo, wathi uma efuneka kuze ezokhipha isondlo, wangatholakala.

Umbiko wephephandaba, uthi owesifazane odabuka eZimbabwe, nokho osehlala eCanada, uyise uTutu enkantolo ethi akasayondli indodana yabo eneminyaka engu-14 ubudala.

Lona wesifazane ubexhumana nabomthetho eCanada, ethi ufuna ukukhokhelwa u-R5 550, icala libe selithuthelwa kuleli laseNingizimu Afrika.

Efika enkantolo uTutu ubengenaye ummeli, icala lihlehlele uLwesihlanu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Linda Mathaba - 2015-02-01 16:11

    Lentombazane isihlakaniphile bo isuka eZimbabwe izobophela izondlo yingakho behlukumezeka abokufika ilento

  • pages:
  • 1