News24

Ingozi idlule nababili eKZN

2012-11-08 08:14

Johannesburg - Kushone abantu ababili ngemuva kwengozi ebe phakathi kweloli nemoto encane emgwaqeni uN2 ngaseTugela Bridge, ogwini olusenyakatho neKwaZulu-Natal, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesine.

Iloli ishayisane neVW Polo ngabo-21:00 ngoLwesithathu, kusho oweNetcare 911 uChris Botha.

Abebehamba ngePolo ababili bashonele endaweni yesehlakalo kwathi umshayeli weloli waphuma engenamiyocu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter