News24

Ingozi mayingenziwa ipolitiki - Mmemezi

2012-02-23 10:05

Johannesburg – Ingozi eyenzeka eWest Rand lapho uThomas Ferreira athola khona ukulimala kabi, kwakuyingozi njengazo zonke ezinye, kusho uNgqongqoshe wezoHumeni baseKhaya kanye nezeZindlu, uHumphrey Mmemezi ngoLwesithathu.

"Asikhumbule ukuthi minyaka yonke eNingizimu Afrika kushona cishe abantu abangu-14 000 ezingozini zomgwaqo," esho, kubike iphephandaba iBeeld.

"Abantu akumele bakhulume sengathi le ngozi yenzeke ngenhloso, ngoba nje kubandakanyeka kuyona imoto ethwala izikhulu."

"Uma ubheka isibalo sabantu abashona ezingozini zemigwaqo minyaka yonke, zincane kakhulu izingozi okubandakanyeka kuzona izimoto ezinamalambu aluhlaza. Kumele sibonge nje ukuthi uFerreira uyalulama," esho.

UMmemezi wayesemotweni eyashayisa uFerreira ehamba ngesithuthuthu sakhe ngoNovemba 5 ngonyaka ofile.

Abazibonela bathi imoto yeqa ilambu libomvu, kanti abaqaphi base besemsusa ngokushesha uMmemezi endaweni yesehlakalo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).