News24

Ingqephu kaJuju izokwenziwa eChina

2011-12-28 13:08

Johannesburg -  Izingubo zokugqoka ezinoJulius Malema, kulindeleke ukuba ziqale ukudayisa eGoli ngoFebhuwari wonyaka ozayo, ngokusho kombiko wangoLwesithathu.

Zizokwenziwa eChina.

Umsiki wengqephu wasePitoli, u-Obakeng Ramabodu we-OB Fitted owenze iJuju Clothing Range uthe bebehlele ukuqala ukudayisa lezizingubo eMangaung uma i-ANC isigubha iminyaka engu-100 yasungulwa, kubike iSowetan.

Kodwa uRamabodu ube esekhetha ukuveza lezi zingubo eGoli ngoFebhuwari ngoba ethi akafuni ukungayihloniphi i-ANC.

"Ku-Facebook, bangaphezulu kuka-850 abantu asebefake izicelo zokuthenga amabharethi nezikibha,” usho kanjena ekhuluma eseChina.

"Emasontweni amabili azayo ngizofika nezikibha ezingaphezulu kuka-6000, amakepisi namabharethi anesithombe sikaJuju."

Uthe lo msebenzi awuxhaswe muntu ngoba akekho obezimisele ngokumeseka.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter