News24

Inqwaba yothisha neziqu zomgunyathi

2013-02-11 10:02

Durban - Uphenyo oluqhutshwe nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, luvundulule othisha abangu-173 abaneziqu ezingumkokotelo, lwathola nezinye izikhulu ezingu-14 ezakhwabanisela uhlelo lokuhanjiswa kokudla ezikoleni.

UMnyango awuvezanga ukuthi ulahlekelwe yimalini, ngale mikhonyovu, nokho uthi amacala azophenyisiswa.

Inhloko yoMnyango uNkosinathi Sishi uthi uphenyo lwaqala ngo-2005, wathi: “Angu-173 amacala aphenywayo,” esho etshela ikomidi loMnyango.

USishi uthi othisha ababanjiwe babe sebempimpa abanye.

“Banele babanjwa bakhuluma beveza abanye. Abanye abaneziqu ezingumkokotelo, kumanje banyamalele."

UMnyango uphenya nabanye abangu-32 abasolwa ekukhwabaniseleni uhlelo lokuhanjiswa kokudla ezikoleni, uSishi uthi izikhulu ezingu-14 ezihlanganisa othishanhloko abayisithupha, othisha abayisikhombisa kanye nonogada, sezixoshiwe.

UNgqongqoshe woMnyango uSenzo Mchunu ukhulume wathi baningi abazophenywa: “Kunohlu lwabantu abazophenywa, uMnyango unawo amagama abasolwa abasazolandela."






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • senzeni.hlongwane.5 - 2013-02-11 11:44

    kuyinto.enhle.ukukhomba.abanye..ngoba.niyazi.zitholakala..kanjan.ukuze.kubanjwe.izelelesi

  • pages:
  • 1