News24

Isicelo sokuthi kumiswe izimali ze-ANCYL

2012-12-05 10:01

Johannesburg - INkantolo eNkulu eGoli seyamukele isicelo sokuthi ibhange limise ukusebena kwezimali zophiko lwentsha i-ANC Youth League, kusho umbiko wangoLwesithathu.

Kuhanjiswe enkantolo amaphepha enkampani i-Z2 Presentations ethi ikweletwa yi-ANCYL, isamba esingu-R12.8 million, kusho umbiko weBeeld.

Izimali lezi zihlanganisa u-R7.6 million, okuyimali eyasebenza ngesikhathi kunomhlangano wophiko owabe useBloemfontein, ngo-2008, kuze kuqokwa uJulius Malema njengomholi.

Imali ibilokhu ikhula, uMarius van Rensburg, ongummeli we-Z2 Presentations uqinisekise ukuhanjiswa kwamaphepha enkantolo.

"Besingakaxhumani ne-ANC Youth League, isikhonzi senkantolo yiso esizoxhumana nayo."

Okhulumela i-ANC uKeith Khoza kanye nalolu phiko batheabazi lutho ngalolu daba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • mdu.raphael - 2012-12-06 07:37

    mina ngithi ababuze umalema ngalezo zimali baqinisile uma bethi abazi luthu akubuzwe yena nozakwabo laba abanamakhanda aqinile bazi kahle kamhlophe

  • pages:
  • 1