News24

Isidumbu somfana sitholakale emgqonyeni

2012-12-10 07:46

Johannesburg - Izingane ezincane bezidlala ngasemgqonyeni kadoti kanti azazi ukuthi uqukethe isidumbu sikamzala wazo, nebesesiqala ukonakala, kusho umbiko weSowetan.

UMthokozisi Mdanda, 12, wagcina ukubonakala ngesonto eledlule ethunywe amaqanda ngabo-15:30, akaphindanga abuya.

"NgoMgqibelo odlule ngangidlula ngakubo ngemoto, ngase ngiyambona ngama ngambingelela," kusho ubaba wakhe uThemba Sibeko,, 47.

" Ngabe sengimbuza impilo, sahlukana," kusho uSibeko, noshayela amatekisi.

Kwathi nje uma kuphela umdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uSibeko waholelwa emgqonyeni yiphunga elalingabekezeleki.

USibeko uthi akakholwanga ngesikhathi ezithela phezu kwesidumbu sendodana yakhe.




  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter