News24

Isihluku bemdlwengula bembulalela emathuneni

2013-01-02 15:06

Johannesburg - Amadoda amabili nabafana ababili, kulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseHarrismith, mayelana necala lokudlwengula nokubulala.

Amaphoyisa aseFree State athi abafana ababili, ona-14 nona-16 ubudala, kanye namadoda amabili, basolwa ngokudlwengula babulale intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, yaseNtabazwe.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mmako Mophiring, uthi ababili kwababoshiwe, bayizelamani.

"Intombazane yabe inesoka layo elineminyaka engu-15 ubudala, bemile ngaphandle kwendlu yesonto, ngesikhathi behlaselwa.
 
Abahlaseli basabisa isoka bathi bazolibulala, base bethatha intombazane behamba nayo,” kusho uMophiring.

Umfana wabe esetshela umphakathi, owaphuma inqina uthungatha intombazane, ekwabe sekutholakala isidumbu sayo emathuneni.

"Intombazane bayikhumula izinwele zokufakelwa, zasakazwa eduze kwayo. Kwatholakala namajazi abakhwenyana asebenzile, ayisishiyagalombili.”




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • thandi.radebe.167 - 2013-01-02 17:58

    kumele ukuthi badilikelwe ijele labo abenze isihluku esingaka bangaxolelwa nakancane. sebephelelwe unembeza

      nomcebo.buthelezi.777 - 2013-01-02 18:18

      cha banesono kumele baboshwe kungathethwa cala

  • pages:
  • 1