News24

Isiphepho sishiye kukhalwa eF State

2012-06-25 07:38

Johannesburg - Izindlu ezingu-55 zicekeleke phansi ngesikhathi kuqubuka isiphepho ebesibukeka njengesishingishane eKestel, eFree State, kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana ngeSonto.

“Kulandela uphenyo olwenziwa ngamathimba ahlukene, iJoint Operation Centre ibike ukuthi zingu-55 izindlu ezithintekile," kusho okhulumela uMnyango uSenne Bogastu esitatimendeni.

OweWeather SA uMichael Nethavani uthe impela kungenzeka ukuthi lesi siphepho besihambisana nesishingishane.

“Okwamanje sisasebumnyameni ngokwenzekile,” esho.

Kube sekulimala abantu abayisihlanu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter