News24

Iyakhathaza eyabakashwele - Umnyango

2012-07-06 14:13

Pretoria - Kuyakhathaza ukuthi kukhona iziboshwa ezadedelwa ngoshwele eseziphinde zabuyela shi ebugebengwini, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuQondiswa kweziGwegwe uNgoako Ramathlodi, ngoLwesihlanu.

"Yize noma lesi sibalo zingekho phezulu kakhulu umnyango uyakuhlaba ukubuyela kwalezi ziboshwa ejele ngenxa yobugebengu," kusho ungqongqoshe ngesikhathi kudedelwa ingxenye yokugcina yeziboshwa ezithola ushwele ejele iPretoria Central Prison.

Umengameli uJacob Zuma wamemezela ukuthi kuzodedelwa iziboshwa ngoSuku lwamaLungelo ngenyanga ka-Ephreli.

Zingu-43 789 iziboshwa ekwaphakanyiswa ukuthi zizodedelwa emajele angu-241 akuleli.

Eziboshweni ezingu-90 eseziphinde zaboshwa ezingu-20 kuzona seziphinde zagwetshwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).