News24

Izingane zibulawe umbani eKZN

2013-01-10 09:02

Durban - Izingane ezintathu zilele kobandayo ngemuva kokushaywa wumbani ngoLwesithathu ebusuku, esehlakalweni esenzeke KwaChezu, eNkandla, enhla nesifundazwe, kusho izikhulu.

"Izelamani zakwaDlamini ezineminyaka yobudala engu-13 no-14 nomunye wakwaZwane, bafe ujuqu ngesikhathi beshaywa ngumbani besesitolo sendawo," kusho okhulumela uMnyango wezokuBambisana noHulumeni esifundazweni uLennox Mabaso.

Ukushona kwalezi zingane kwenyuse isibalo sabantu ababulawe ngumphezulu esifundazweni, safinyelela ku-10.

Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube, avakashele imindeni yezingane.

"Izehlakalo zabantu ababulawa yizulu elingelihle, ziya ngokuya zikhula futhi ziba zimbi kakakhulu. Lokhu kuyimbangela yokuguquguquka kwesimo sezulu."



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • kwenza.khanyile - 2013-01-10 09:39

    Mmmm,kwakub bakith,libi izulu kulezinsuku,engath sidinga imithandazo eqinile kushwelezwe koMdala Weynsuku,ngith dudu emindenin elahlekelwe Inkosi Ibe Nabo,kukwa Chwezi msakazi hay kwa Chezu

  • muzi.mzizi - 2013-01-10 10:28

    Indaba yokuthi kukhonjwe ukuguquguquka kwezulu angiyizwa kahle engabe kuthiwa sixabene no Mvelinqangi nje qha bese sifuna indlela yokuzibuyisela kuyena (Izikronike I, Chapter 13)

  • Mthokozisi - 2013-01-10 12:01

    unkulunkulu akasthethelele emacalen ethu, sekwanele ndlondlo yasemazulwin siyashweleza sihawukene. Duduzekan mnden elahlekelwe hlalan ethemben ujehova ukhona.

  • pages:
  • 1