News24

Izinja zihlasele owesifazane eGoli

2011-06-23 16:36

Johannesburg - Abezimo eziphuthumayo eGoli bathi ulimale kanzima owesifazane ngesikhathi ehlaselwa yizinja ezintathu ngaphandle komuzi wakhe eFlorida, eGoli.

Ubehamba emgaqweni ngesikhathi izinja zimhlasela, kusho okhulumela abakwaNetcare911 uJeffrey Wicks.

Ulimale kabi emlenzeni. Abezimo eziphuthumayo bamphuthumise esibhedlela iLeratong.