News24

Izizumbulu kulungiswa iNkandla

2012-08-03 14:05

Cape Town - Uhulumeni uphezu kwezinhlelo zokusebenzisa isizumbulu esingu-R2 billion, ukulungisa idolobha ekudabuka kulo uMengameli uJacob Zuma, kusho imibiko yeMail & Guardian.

Iphephandaba lithi uhulumeni uzosebenzisa imali yabakhokhi bentela engaphezu kuka-R1 billion, ukulungisa eNkandla, enye imali kuthiwa izotholakala ezinhlakeni ezizimele.

Umsebenzi lona uqalwe ngabenhlangano iMasibam­bisane, uZuma anguSihlalo wayo.

IDemocratic Alliance ithi inhloso yale nkampani wukuhlanganisela uZuma izimali nje qha.

Ngenyanga kaJulayi umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, wagxeka uZuma wathi uzama ukwakha i"NewYork" eNkandla.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).