News24

Izohamba kahle ingqungquthela - Nkwinti

2012-12-17 11:17

Bloemfontein - UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMaphandleni nezoMhlaba uGugile Nkwinti uthe akunakungabaza ukuthi konke kuzohamba kahle enkomfeni ye-ANC eMangaung.

"Sibe nosuku oluhle ngeSonto kanti nombiko kaMengameli Jacob Zuma nokaNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ubuhlabahlosile. Ngicabanga ukuthi nanamhlanje kuzohamba kahle," kusho uNkwinti.

Le ngqungquthela yezinsuku eziyisihlanu, ebanjelwe e-University of Free State eMangaung, iqale ngeSonto.

UNkwinti unqabile ukuphawula ngezinxushunxushu zezimvume zokungena.

Kulindeleke ukuthi izithunywa ziqhubeke nokudingida le nkinga ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter