News24

Izolungiswa ngo-R1.4b imizi yezikhulu

2012-11-09 10:02

Cape Town - UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi okumanje ulungisa umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla uzoqhubeka nokulungisa eyezinye izikhulu zikahulumeni, okubalwa owesekela likamengameli neyongqongqoshe beKhabhinethi eKapa nasePitoli ngemali elinganiselwa ku-R1.4bn, kubika iDie Burger ngoLwesihlanu.

Lokhu kuza ngemuva kokuqonga komsindo ngokulungiswa komuzi kaZuma, nokuzobiza imali elinganiselwa ku-R248m.

Ngokombiko olethwe yilo Mnyango:

 - U-R404m uzosetshenziselwa ukulungisa imizi yongqongqoshe engu-17 eFernwood nokuzobiza imali engu-R23.7m umuzi ngamunye.
- Kunomsebenzi ka-R192m oqhubekayo eMahlamba Ndlopfu, nokungumuzi kamengameli wezwe osePitoli.
- U-R13.7m ubekelwe ukuba ulungise i-Oliver Tambo House, nohlala iphini likamengameli.
- Kanti u-R105m uzosetshenziselwa ukwakha indawo yezikhulu ePitoli.

Owe-DA u-Anchen Dreyer uthe lo mkhuba wokuxhaphaza imali utshengisa ukuthi uhulumeni uqhelelene kangakanani nabantu bakuleli ngakwezentuthuko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • hdwala1 - 2012-11-09 16:34

    sahlupheka thina bakhokhi bentela sengathi izokhushulwa ngiyasola impela wat abt abantu angasebenzi impela lohulumeni angimvoteli impela dis time

  • wendylindelihle - 2012-11-12 12:17

    Kodwa izindlu zezakhamizi eziphushulwe umoya zona abasho lutho ngazo. Angazi kusavotelwani nxa!

  • pages:
  • 1