News24

Izophasiswa ngo-2012 i-NHI: Motsoaledi

2011-02-22 14:15

Pretoria - Uhulumeni uzimisele ngokuwuphasisa ngo-2012 umshwalense wezempilo kazwelonke, kusho uNgqongqoshe wezempilo u-Aaron Motsoaledi ePitoli izolo.

Ekhuluma eNyuvesi yaseTshwane, uMotsoaledi uthe ulindele ukuthi kulethwe amaphepha phambi kweKhabhinethi kungekudala, nokuzolandela ukuthi lolu hlelo lukhishelwe umphakathi ukuba uphose itshe esivivaneni.

Abantu ababegxeka i-NHI nokuthi angeke iluthole uxhaso lwezezimali babebona imali abayikhokha ezibhedlela ezizimele.

"Thina (njengohulumeni oholwa i-ANC) ngeke silubulale uhlelo lwezempilo oluzimele. Luzozibulala lona."