News24

Kube yibhadi ukudubulana kwamaphoyisa - Phiyega

2013-01-15 14:07

Pretoria - Ukudutshulwa kubulawe iphoyisa - nebekucatshangwa ukuthi liyisigebengu eHillbrow -- kube yibhadi elikhulu, kusho uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega ngoLwesibili.

"Konke okwenzekile kube yibhadi nje ngoba amaphoyisa abezama ukwenza umsebenzi wawo," kusho uPhiyega ePitoli.

"Thina maphoyisa asibona abantu abathanda ukudlala ngezibhamu."

Uthi amaphoyisa enza umsebenzi wokuqinisekisa ukuphepha kuleli.

NgoMsombuluko, iphoyisa lidutshulwe ngelinye ebelicabanga ukuthi yisigebengu.

Kube sekuboshwa umsolwa oyedwa kwathi abanye ababili babaleka, kusho uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini.

Amaphoyisa abe esejaha la basolwa ngezinyawo, kanti abengayigqokile imifaniswano.

Abe esehlangana namanye amaphoyisa acabange ukuthi ayizigebengu, ase awadubula.

Kube sekushona elilodwa kwathi elinye lalimala.

I-Independent Police Investigative Directorate izophenya ngalesi sigameko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • snothando.mbulase1 - 2013-01-15 16:41

    Lamaphoyisa adubula amanye ayadelela nje ngokucacile bebenzeni laba abasolile ukuthi bayizigebengu Nakhu I Africa iphenduka Igomora,Amaphoyisa amanje ayadelela bafuna iZulu nje kuphela

      bonnie.mhlongo - 2013-01-15 18:50

      Lol kwaaaaa, lamaphoyisa adubulile angamagwala, nd angamahlathi nje kwaphela....

  • pages:
  • 1