News24

Kubhikishe imbokodo kuvela uPistorius

2013-02-19 12:02

Johannesburg - Iqulu labesifazane libambe umbhikisho ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePitoli, la bekuvela khona umsubathi u-Oscar Pistorius, obhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe.

Abesifazane ebebephethe izingqwembe bacule amaculo omzabalazo, bagxoba itoyitoyi emgwaqeni iFrancis Baard, eduze kwenkantolo, iqulu leli belihlanganisa nabesifazane bophiko i-ANC Women's League.

Ezinye izingqwembe bezithi: "UPistorius kumele abolele ejele" amanye athi "Aluphele udlame olubhekiswe kwabesifazane, Akuphele ukubulawa kwabesifazane nezingane".

"Akumele anikwe ibheyili uPistorius," kumemeza omunye wabesifazane obeyingxenye yababhikishi.

Amaphoyisa acele ababhikishi ukuthi babhikishe buqamama nenkantolo, njengoba bebevimbe indawo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Lindiwe Ngema Precious - 2013-02-19 12:26

    Kunganjani uma omama bengafunda ukungathathi nhlangothi,abafazi abavela ezinkantolo ngamacala okubulala amadoda abo befuna imishwalense yawo angikaze ngibabone bebhikisha bethi ababolele emajele. Yingakho izwi lomama ligcina linganakiwe ngoba bayahluleka ukunga chemi nahlangothi. Ukubulala kuyefana noma ngabe kubulawe bani. Yilelo elami izwi qha maningi amadoda abulawa zikhohlakali zomama ababolile. Nabo bangabantu.... Akufanwe ababolele ejele....

  • pages:
  • 1